Ukudla
Ukuhlanza iminwe ngokuyikhotha uma uqeda ukudla kuyi Sunnah ya Rasulullah SAW. U Hazrat Ka’b bin Malik ra uyabika ukuthi u Rasulullah SAW wayevame ukusebenzisa iminwe emithathu uma edla, nokwakuthi lapho eseqedile ukudla bese eyayikhotha iminwe yakhe ebusisiwe. [Sahih Muslim]
Kwenye i Hadith, u Hazrat Abu Hurayrah ra uyabika ukuthi wezwa u Rasulullah SAW ethi ‘’ Uma kukhona ukudla okudlayo, khotha iminwe [ngemuva kokudla] kwazise awazi ukuthi ama Barakah akuyiphi kuyo.’’ [Sahih Muslim]
Indlela yokwenza lokhu ichaziwe kule Hadith. Eminye imizekelo iyakhombisa ukuthi u Nabi SAW wayevame ukuyikhotha iminwe yakhe ebusisiwe ngalendlela elandelayo: Wayeqala ngomunwe omude, alandelise ngomunwe wokukhomba, bese egcina ngesthupha.
U Hazrat K’ab bin Ujrah ra uyabika ukuthi, ‘’ Ngabona uNabi SAW edla ngeminwe emithathu okuyisithupha, umunwe wokukhomba, kanye nomudemude. Ngemuva kokudla ngangimbona eyikhotha ngokulandelana kanje; owokuqala kwakuba wumudemude, kulandele inkombankombane, bese egcina ngesthupha.’’ [ Al Mu’Jmul Awsat lit Tabrani ]
