U Nabi SAW wathi, ‘’ Ubuduze obukhulu isigqila esisondela ngako kwi Rabb yaso yilapho sikhotheme, ngakho-ke nyusani i duah [ngaleso sikhathi].’’ [Muslim]
Sikhulu isbalo samaphutha atholakalayo ngesikhathi abantu benza i-Sajdah kwi Salah. Ukuzuza umvuzo ogcwele kulesisigaba, kumele kuqinisekiswe ukuthi i-Sajdah yenziwa ngokuyikho.
U Hazra Anas ibn Malik ra uyabika ukuthi u Nabi SAW wathi ,’’ Qondani ekukhothameni, ningavumeli noyedwa kunina abeke izingalo zakhe phansi kuhle kwenja.’’ [Bukhari, Muslim]
U Hazrat Abdullah bin Abbas ra ubika ukuthi u Nabi SAW wathi, ngiphoqiwe ukuba ngenze i Sajdah ngezitho zomzimba eziyisikhombisa : isiphongo [ kanjalo nechopho lekhala], izandla zommbili, amadolo womabili, Kanye nezinzwane zezinyawo zommbili …’’ [ Bukhari, Muslim ]
Kubalulekile ukwenza i Sajdahngokuqinisekisa ukuthi isiphongo, ikhala, nezimpama zezandla, amadolo Kanye nezinzwane konke kuthinta phansi. Akuvumelekile ukuba izindololwane zithinte phansi.
Qinisekisa ukuthi izinzwane zihlala phansi, zibheke ngase Qiblah. Uma izinzwane zingathintile phansi ngesikhathi ukwi Sajdah, lokho kungaholela ekutheni i Salah ibe yize leze, kufane nokuthi ayenziwanga.
Kumele siqikelele ukuthi i Salah yethu siyayithuthukisa ngokuvela kuma Ulama , sibuye sinyonkele ezincwadini ze Salah eziqinekisiwe ukuze sisizakale ukulungisa indlela okwenziwa ngayo i Salah ngokujwayelekile.
[ NB. Lendlela engenhla yokwenza i Salah ngeyabesilisa / Hanafi ]
